AmaHubo 8

8
Indodana yomuntu nenkazimulo yayo
Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi.* Ihubo likaDavide.
1 Jehova Nkosi yethu,
igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!
wena owabeka inkazimulo yakho ezulwini.
2 Ngomlomo wezingane nowabancelayo
wagxilisa amandla ngenxa yabamelene nawe
ukuba uthulise isitha nophindisayo.
3 Lapha ngibuka izulu lakho,
umsebenzi weminwe yakho,
inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,
4 umuntu uyini ukuba umkhumbule,
nendodana yomuntu ukuba uyinake na?
5 Wamenza waba ngaphansana kukaNkulunkulu,
wamqhelisa ngenkazimulo nangobukhosi.
6 Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho;
konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe:
7izimvu, nezinkomo zonke,
yebo, nezilwane zasendle,
8nezinyoni zezulu,
nezinhlanzi zolwandle,
nakho konke okuhamba ezindleleni zolwandle.
9Jehova Nkosi yethu,
igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 8: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume