AmaHubo 76

76
UNkulunkulu ungumahluleli nomkhululi
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo lika-Asafa. Igama.
1 UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda,
igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.
2Itabernakele* lakhe liseSalema,
nendlu yakhe iseSiyoni.
3 Waphula lapho imicibisholo yomnsalo,
nesihlangu, nenkemba, nempi. Sela*
4Uyakhazimula ngobukhosi,
lapho uvela ezintabeni zempango.
5 Bachithekile abaqinile ngenhliziyo,
balele ubuthongo babo;
amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.
6Ngokusola kwakho,
Nkulunkulu kaJakobe,
kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.
7 Wena, yebo, wena uyesabeka;
ngubani ongema ebusweni bakho
ngesikhathi solaka lwakho na?
8Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini;
umhlaba wesaba, wathula
9mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele,
asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela*
10 Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa;
insalelo yolaka uyakuyibhinca.
11 Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu.
Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.
12 Uyanquma umoya wezikhulu,
wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 76: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume