Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu, kuhlaba ezinsweni zami, ngaba yisiphukuphuku, angaqonda lutho; ngaba yisilwane kuwe. Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo; ungibambile ngesandla sami sokunene. Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni. Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni. Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
Funda AmaHubo 73
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 73:21-26
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo