AmaHubo 66:1-20

AmaHubo 66:1-20 ZUL59

Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke. Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe, nibabaze ukudunyiswa kwakhe. Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho. Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise; bayakuhubela igama lakho.” Sela* Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu. Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo; bawela umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye. Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade; amehlo akhe ayahlozinga izizwe; abanenkani mabangaziphakamisi. Sela* Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe, nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe ogcina umphefumulo wethu ekuphileni, engaluvumeli unyawo lwethu lushelele. Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile, wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva. Wasingenisa enetheni; wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu. Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu; sangena emlilweni nasemanzini; kepha wasikhiphela ekubuseni. Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa; ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami ezaphinyiselwa yizindebe zami, zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni. Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo kanye nephunga lezinqama; ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela* Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu; ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami. Ngakhala kuye ngomlomo wami; ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami. Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayikungizwa iNkosi. Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami. Makabongwe uNkulunkulu ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.