Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke. Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe, nibabaze ukudunyiswa kwakhe. Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho. Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise; bayakuhubela igama lakho.” Sela* Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu. Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo; bawela umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye. Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade; amehlo akhe ayahlozinga izizwe; abanenkani mabangaziphakamisi. Sela* Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe, nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe ogcina umphefumulo wethu ekuphileni, engaluvumeli unyawo lwethu lushelele. Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile, wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva. Wasingenisa enetheni; wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu. Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu; sangena emlilweni nasemanzini; kepha wasikhiphela ekubuseni. Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa; ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami ezaphinyiselwa yizindebe zami, zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni. Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo kanye nephunga lezinqama; ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela* Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu; ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami. Ngakhala kuye ngomlomo wami; ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami. Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayikungizwa iNkosi. Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami. Makabongwe uNkulunkulu ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.
Funda AmaHubo 66
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 66:1-20
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo