AmaHubo 33:12-19

AmaHubo 33:12-19 ZUL59

Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova, isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe. UJehova uyabheka esezulwini; uyababona bonke abantwana babantu. Esendaweni lapho ehlala khona uyababuka bonke abakhileyo ezweni, yena owadala izinhliziyo zabo bonke, oqaphela zonke izenzo zabo. Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso. Ihhashi liyize ekusindiseni, alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo. Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe, ukuba akhulule umphefumulo wabo ekufeni, abaphilise endlaleni.