Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisibekelwe. Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko, kungekho nkohliso emoyeni wakhe. Kwathi ngithule, amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke. Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami, uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo. Sela* Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami; ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,” wena wathethelela icala lesono sami. Sela* Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwe ngesikhathi sokukufumana; impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula, angafinyeleli kuye. Wena uyindawo yami yokucasha; uyangilondoloza ngingahlupheki; ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela* Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami. Ningabi njengehhashi nembongolo engenangqondo; umkhala netomu yimvunulo yayo yokuyiqondisa, uma ingasondeli kuwe. Omubi unezinhlupheko eziningi, kepha othemba uJehova umusa uyakumphahla. Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.
Funda AmaHubo 32
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 32:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo