AmaHubo 105:16-24

AmaHubo 105:16-24 ZUL59

Futhi wathuma indlala phezu kwezwe, walwaphula uzime lwesinkwa. Wathuma indoda phambi kwabo: uJosefa wathengiswa abe yisigqila. Balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga, waboshwa ngensimbi. Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe, izwi likaJehova lamhola. Inkosi yathuma yamthukulula, umbusi wabantu wamkhulula. Wamenza umphathi wendlu yakhe nenduna yezinto zakhe zonke, ukuze abophe izikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe, afundise amalunga akhe ukuhlakanipha. U-Israyeli wayesefika eGibithe, uJakobe wagogobala ezweni likaHamu. Wandisa kakhulu abantu bakhe; wabenza babe namandla kunezitha zabo.