IzAga 8

8
Ukumemeza kokuhlakanipha
1Ukuhlakanipha akumemezi yini,
nokuqonda akukhiphi izwi lakho na?
2Kumi esiqongweni sezindawo eziphakemeyo,
ngasendleleni phakathi kwemikhondo.
3Ngaseceleni kwamasango,
ngasekungeneni komuzi,
lapho kungenwa ngeminyango,
kuyamemeza ngokuthi:
4“Ngiyanibiza nina madoda;
izwi lami likumadodana abantu.
5Qondani ukuhlakanipha nina eningenalwazi;
nani ziwula,
manibe nenhliziyo eqondileyo.
6Zwanini,
ngokuba ngiyakulanda okukhulu;
ukukhamisa kwezindebe zami kuyakuba ngokulungileyo.
7Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso;
ububi buyisinengiso ezindebeni zami.
8 Onke amazwi omlomo wami asekulungeni;
akukho okuyisigwegwe nokuphambeneyo kuwo.
9Aqondile onke koqondayo;
alungile kothola ukwazi.
10 Yamukelani ukufundisa kwami kunesiliva,
nokwazi kunegolide elikhethekileyo.
11Ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunamarubi,*
nakho konke okungafiswa akunakulinganiswa nakho.
12Mina kuhlakanipha ngakhile ekuqondeni,
ngithola ukwazi namasu.
13Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi;
ukuzidla, nokuzikhukhumeza,
nendlela embi,
nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.
14Kimina kukhona ukululeka nempumelelo;
ngingukuqonda, nginamandla.
15Amakhosi abusa ngami,
nababusi bamisa ukulunga.
16Izikhulu zibusa ngami,
namakhosana, bonke abahluleli bomhlaba.
17Ngiyathanda abangithandayo;
abangifunayo bayakungifumana.
18 Ingcebo nodumo kukimi,
ukunotha okumiyo nokulunga.
19Isithelo sami sihle kunegolide,
kunegolide elicwengekileyo,
nenzuzo yami kunesiliva elikhethekileyo.
20Ngiyahamba endleleni yokulunga,
phakathi kwemikhondo yokwahlulela,
21ukuze ngenze abangithandayo badle ifa lemfuyo,
ngigcwalise izindlu zabo zengcebo.
22“UJehova wangidala ngingukuqala kwendlela yakhe
ngaphambi kwemisebenzi yamandulo.
23Ngamiswa kwaphakade kwasekuqaleni,
umhlaba ungakabikho.
24Lungakabikho utwa ngazalwa,
ingakabikho imithombo egcwele amanzi.
25Zingakasekelwa izintaba,
namagquma engakabikho, ngazalwa,
26engakawenzi umhlaba namasimu,
nokuqala kothuli lwezwe.
27Ekulungiseni kwakhe izulu ngangikhona,
nasekudwebeni kwakhe umkhathi ebusweni botwa.
28Lapho enza ukuba isibhakabhaka phezulu siqine,
nemithombo yotwa iphuphume ngamandla,
29 lapho emisela ulwandle umncele,
ukuze amanzi angeqi izwi lakhe,
nalapho emisa izisekelo zomhlaba,
30khona nganginaye ngiyingcweti yomsebenzi,
ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla,
ngijabula phambi kwakhe isikhathi sonke,
31ngijabula ezweni lomhlaba wakhe,
intokozo yami ikanye namadodana abantu.
32“Ngalokho, bantwana, ngizweni,
ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.
33Yizwani ukulaya, nihlakaniphe,
ningakwenqabi.
34Ubusisiwe umuntu ongizwayo,
elinda imihla ngemihla ngasemasangweni ami,
ehlala ngasezinsikeni zeminyango yami.
35 Ngokuba ongifumanayo,
ufumana ukuphila,
azuze umusa kuJehova.
36Ongangifumani uyona umphefumulo wakhe;
bonke abangizondayo bathanda ukufa.”

Okuqokiwe okwamanje:

IzAga 8: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo