UNumeri 33:37-42

UNumeri 33:37-42 ZUL59

Basuka eKadeshi, bamisa entabeni yaseHori eceleni kwezwe lakwa-Edomi. U-Aroni umpristi wakhuphukela entabeni yaseHori ngesiyalezo sikaJehova, wafela khona ngomnyaka wamashumi amane emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngenyanga yesihlanu ngolokuqala lwenyanga. U-Aroni wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili nantathu mhla efela entabeni yaseHori. UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owahlala eningizimu ezweni laseKhanani, wezwa ngokufika kwabantwana bakwa-Israyeli. Basuka entabeni yaseHori, bamisa eSalimona. Basuka eSalimona, bamisa ePunoni.