UNehemiya owayengumbusi, no-Ezra umpristi nombhali, namaLevi ayebafundisa abantu, bathi kubantu bonke: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; ningalili, ningakhali.” Ngokuba bonke abantu bakhala, lapho bezwa amazwi omthetho. Wayesethi kubo: “Hambani nidle okunonileyo, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho, ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.” AmaLevi ayesethulisa abantu bonke, ethi: “Thulani, ngokuba lolu suku lungcwele; ningadabuki.” Abantu bonke bahamba ukuba badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babeqondile amazwi ababewazisiwe.
Funda UNehemiya 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UNehemiya 8:9-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo