Kepha kwathi lapho uSanibalati esezwile ukuthi sabe siluvusa ugange, wathukuthela, wavutha ulaka, waklolodela abaJuda. Wakhuluma phambi kwabafowabo nempi yaseSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abangenamandla na? Bayekwe bebodwa na? Bahlabe yini? Bakuqede ngosuku na? Bavuse amatshe emfuthumfuthwini yamabibi lokhu eshisiwe na?” UThobiya wakwa-Amoni wayengakuye, wathi: “Yebo, nalokho abakwakhayo, uma kukhuphuka impungushe, iyakulubhidliza ugange lwamatshe abo.” Ngase ngikhuleka ngathi: “Yizwa, Nkulunkulu wethu, ngokuba sidelelekile, ubuyisele inhlamba yabo phezu kwamakhanda abo, ubanikele ukuba baphangwe ezweni lokuthunjwa; ungalisibekeli icala labo, masingesulwa isono sabo phambi kwakho, ngokuba bakucunulile ngaphambi kwabakhi.” Sase sivusa-ke ugange; lonke ugange lwahlanganiswa kwaze kwagamanxa, ngokuba abantu babenenhliziyo yokusebenza.
Funda UNehemiya 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UNehemiya 4:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo