YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMarku 3:20, 21, 22, 23, 24, 25, 26, 27, 28, 29, 30, 31, 32, 33, 34, 35

NgokukaMarku 3:20 ZUL59

Wayesefika ekhaya; isixuku sabuthana futhi, ababe besaba nathuba lokudla nasinkwa.

NgokukaMarku 3:21 ZUL59

Abakubo sebekuzwile baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi uyahlanya.

NgokukaMarku 3:22 ZUL59

Nababhali abehla bevela eJerusalema bathi: “UnoBelzebule, ukhipha amademoni ngombusi wamademoni.”

NgokukaMarku 3:23 ZUL59

Wayesebabiza, wakhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “USathane angakhipha kanjani uSathane na?

NgokukaMarku 3:24 ZUL59

Uma umbuso wahlukene wodwa, lowo mbuso ungeme.

NgokukaMarku 3:25 ZUL59

Nendlu, uma yahlukene yodwa, leyo ndlu ayizukuma.

NgokukaMarku 3:26 ZUL59

NoSathane, uma ezivukela yena, ahlukane, akanakuma, kepha uyaphela.

NgokukaMarku 3:27 ZUL59

Yebo, akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso.

NgokukaMarku 3:28 ZUL59

Ngiqinisile ngithi kini: Abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza noma kungakanani abangahlambalaza ngakho

NgokukaMarku 3:29 ZUL59

kepha lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo.”

NgokukaMarku 3:30 ZUL59

Ngokuba bathi unomoya ongcolileyo.

NgokukaMarku 3:31 ZUL59

Kwase kufika unina nabafowabo, bema ngaphandle, bathumela kuye bembiza.

NgokukaMarku 3:32 ZUL59

Isixuku sabantu sasimphahlile; bathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu nawodadewenu bangaphandle bekufuna.”

NgokukaMarku 3:33 ZUL59

Wabaphendula wathi: “Ngubani umame nabafowethu na?”

NgokukaMarku 3:34 ZUL59

Waqalaza ebuka ababehlezi bemphahlile, wathi: “Bhekani, nangu umame nabafowethu.

NgokukaMarku 3:35 ZUL59

Ngokuba owenza intando kaNkulunkulu nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”