YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMarku 3:1, 2, 4, 5, 6, 7, 8, 9, 10, 11, 12, 13, 14, 15, 16, 17, 18, 19

NgokukaMarku 3:1 ZUL59

Khona wabuye wangena esinagogeni.* Kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabeneyo.

NgokukaMarku 3:2 ZUL59

Bamqaphela ukuba uzakumphilisa yini ngesabatha, ukuze bambeke icala.

NgokukaMarku 3:4 ZUL59

Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala na?” Kepha bathula.

NgokukaMarku 3:5 ZUL59

Waqalaza ebabuka ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo; wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.

NgokukaMarku 3:6 ZUL59

AbaFarisi base bephuma masinyane bacebisana ngaye nabakaHerode ukuthi bangambhubhisa kanjani.

NgokukaMarku 3:7 ZUL59

UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya

NgokukaMarku 3:8 ZUL59

naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, nangaseTire, naseSidoni; isixuku esikhulu sesizwile konke akwenzayo seza kuye.

NgokukaMarku 3:9 ZUL59

Wayeseyala abafundi bakhe ukuba isikebhe simlindele ngenxa yesixuku sabantu, ukuze bangamcindezeli

NgokukaMarku 3:10 ZUL59

ngokuba wayephulukisa abaningi, kwaze kwathi bonke abanezifo bawela phezu kwakhe ukuba bamnamathe.

NgokukaMarku 3:11 ZUL59

Nawomoya abangcolileyo bathi ukuba bambone, bawa phansi phambi kwakhe, bamemeza bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.”

NgokukaMarku 3:12 ZUL59

Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi.

NgokukaMarku 3:13 ZUL59

Wayesenyukela entabeni, wabizela kuye abebafuna yena; beza kuye.

NgokukaMarku 3:14 ZUL59

Wamisa abayishumi nambili ukuba babe naye nokuba abathume baye kushumayela

NgokukaMarku 3:15 ZUL59

babe namandla okukhipha amademoni.

NgokukaMarku 3:16 ZUL59

Wayesemisa laba abayishumi nambili: uSimoni owamqamba igama lokuthi uPetru

NgokukaMarku 3:17 ZUL59

noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; laba wabaqamba igama lokuthi oBowanergesi okungukuthi amadodana okuduma

NgokukaMarku 3:18 ZUL59

no-Andreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani

NgokukaMarku 3:19 ZUL59

noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.