NgokukaMarku 14:32-52

NgokukaMarku 14:32-52 ZUL59

Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka.” Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukuba novalo nosizi. Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde.” Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye lo mzuzu. Wathi: “Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.” Wayeseza, wabafumana belele; wathi kuPetru: “Simoni, ulele na? Ubungelinde ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.” Wabuye wasuka waya kukhuleka, esho lona lelo zwi. Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima; babengazi ukuthi bazakumphendula ngokuthini. Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula. Kwanele, ihora lifikile; bhekani, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani sihambe. Bhekani, ongikhaphelayo usesondele.” Khona masinyane esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mbambeni, nihambe naye, nimqinise.” Esefikile wasondela kuye masinyane, wathi: “Rabi!” Wamanga. Base bembeka izandla, bambamba. Omunye kwababemi khona wahosha inkemba, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu wathatha wathi kubo: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba. Benginani imihla ngemihla ethempelini ngifundisa, anangibamba; kepha nga kugcwaliseka imibhalo.” Bamshiya bonke, babaleka. Insizwa ethile yamlandela yembethe indwangu nje emzimbeni; bayibamba. Yayisiyishiya indwangu, yabaleka ze.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 14:32-52