YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMarku 14:1, 2, 3, 4, 5, 6, 7, 8, 9, 10, 11

NgokukaMarku 14:1 ZUL59

Emva kwezinsuku ezimbili kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna isu lokumbamba ngobuqili, bambulale.

NgokukaMarku 14:2 ZUL59

Ngakho bathi: “Makungabi ngomkhosi, kungaze kube khona isiyaluyalu esizweni.”

NgokukaMarku 14:3 ZUL59

Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko, ehlezi ekudleni, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabaste* wamafutha enadi* lodwa elibiza kakhulu; wachoboza umfuma wathela amafutha ekhanda lakhe.

NgokukaMarku 14:4 ZUL59

Kepha kwakukhona abanye abakhuluma bodwa ngokuthukuthela, bethi: “Kwenzelweni lokho kuchithwa kwamafutha na?

NgokukaMarku 14:5 ZUL59

Ngokuba lawa mafutha nga ethengisiwe ngawodenariyu* abangaphezu kwamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu.” Bamthukuthelela kakhulu.

NgokukaMarku 14:6 ZUL59

Kepha uJesu wathi: “Myekeni; nimhluphelani na? Usebenzile umsebenzi omuhle kimi.

NgokukaMarku 14:7 ZUL59

Ngokuba abampofu ninabo njalo; nanini, uma nithanda, ningabenzela okuhle: kepha mina aninami njalo.

NgokukaMarku 14:8 ZUL59

Wenzile abengakwenza; wandulele ukuwugcobela umzimba wami ukumbelwa.

NgokukaMarku 14:9 ZUL59

Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”

NgokukaMarku 14:10 ZUL59

UJuda Iskariyothe, omunye wabayishumi nambili, wayeseya kubapristi abakhulu ukuba amkhaphele kubo.

NgokukaMarku 14:11 ZUL59

Sebezwile bathokoza, bathembisa ukumnika imali. Wayesefuna ithuba lokumkhaphela.