Kusasa bedlula babona umkhiwane ubunile kusukela ezimpandeni. UPetru ekhumbula wathi kuye: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.” UJesu waphendula, wathi kubo: “Kholwani nguNkulunkulu. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho. Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho. Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu. Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu.” Babuye bafika eJerusalema; kwathi ehamba ethempelini, beza kuye abapristi abakhulu, nababhali, namalunga, bathi kuye: “Lokhu ukwenza ngagunya lini na? Ngubani okunike leli gunya ukuze wenze lokhu na?” Kepha uJesu wathi kubo: “Ngizakunibuza izwi libe linye, nize ningiphendule; yikhona ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. Ukubhapathiza kukaJohane kwavela ezulwini noma kubantu na? Ngiphenduleni.” Bakhulumisana bodwa, bathi: “Uma sithi: ‘Ezulwini,’ uzakuthi: ‘Pho, anikholwanga nguye ngani na?’ Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ ” besaba isixuku, ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi impela. Base bemphendula uJesu, bathi: “Asazi.” Wayesethi uJesu kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.”
Funda NgokukaMarku 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 11:20-33
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo