UMika 5

5
Umbusi ozayo wakwa-Israyeli
1Buthana ngamaviyo,
ndodakazi yamaviyo;
usivimbezele,
bayakumshaya umahluleli wakwa-Israyeli ngenduku esihlathini.
2 “Kepha wena Betlehema Efratha,
omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda,
ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe,
ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli,
okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”
3 Ngalokho bayakukhashelwa,
bese yibuyela insali yabafowabo kubantwana bakwa-Israyeli.
4 Uyakuma, aluse ngamandla kaJehova nangokuphakama kwegama
likaJehova uNkulunkulu wakhe;
sebeyakuhlala,
ngokuba uzakuba mkhulu
kuze kube semajukujukwini omhlaba.
5Ukuthula kuyakuba yilokhu:
lapho umAsiriya engena ezweni lakithi,
anyathele ezindlini zethu zobukhosi,
siyakumvusela abelusi abayisikhombisa
nezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.
6 Bayakuchitha izwe lase-Asiriya ngenkemba,
nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo,
asophule kumAsiriya,
lapho engena ezweni lakithi,
nalapho enyathela emikhawulweni yethu.
7 Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwabantu abaningi
njengamazolo avela kuJehova,
ngengezihlambi otshanini ezingahlaleli muntu,
zingahlaleli abantwana babantu.
8Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe,
phakathi kwabantu abaningi,
njengengonyama phakathi kwezilwane zasehlathini,
njengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu,
elithi lapho lidabula,
linyathele, lidwengule,
kungekho owophulayo.
9Masiphakanyiswe isandla sakho phezu kwezitha zakho,
zinqunywe zonke izitha zakho.
10 “Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova,
“nginqume amahhashi akho phakathi kwakho,
ngichithe izinqola zakho,
11ngiyinqume imizi yasezweni lakho,
ngizidilize zonke izinqaba zakho.
12Ngiyakunquma ukulumba esandleni sakho,
kungabe kusabakho kuwe abahlola imihlola.
13Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziweyo
nezinsika zakho phakathi kwakho,
ungabe usakhonza imisebenzi yezandla zakho.
14Ngiyakubasiphula o-Ashera* bakho phakathi kwakho,
ngiyichithe imizi yakho.
15Ngiyakwenza impindiselo ngentukuthelo nangokufutheka
kuzo izizwe ezingalalelanga.”

Okuqokiwe okwamanje:

UMika 5: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo