NgokukaMathewu 9:10-13

NgokukaMathewu 9:10-13 ZUL59

Kwathi ehlezi ekudleni endlini, bheka, kwafika abaningi abathelisi nezoni, bahlala badla noJesu nabafundi bakhe. AbaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?” Ekuzwa lokhu wathi: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa. Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.”

Ividiyo ye- NgokukaMathewu 9:10-13

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 9:10-13