NgokukaMathewu 3

3
Ukushumayela kukaJohane uMbhapathizi
(Mark. 1:1; Luk. 3:1; Joh. 1:6,19)
1Ngaleyo mihla kwavela uJohane uMbhapathizi eshumayela ehlane laseJudiya, ethi: 2“Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!” 3 Ngokuba nguye akhuluma ngaye umprofethi u-Isaya, ethi:
“Izwi lomemezayo ehlane, lithi:
‘Lungisani indlela yeNkosi,
nenze imikhondo yayo iqonde.’ ”
4 Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela noqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizinkumbi nezinyosi zasendle. 5Khona kwaphumela kuye iJerusalema, neJudiya lonke, nezwe lonke laseJordani, 6babhapathizwa nguye emfuleni iJordani bevuma izono zabo.
7 Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na? 8Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka. 9 Ningacabangi ukuba ningasho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe. 10 Izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.
11 “Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo, 12 ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”
Ukubhapathizwa kukaJesu
(Mark. 1:9; Luk. 3:21)
13Khona uJesu evela eGalile wafika kuJohane eJordani ukuba azobhapathizwa nguye. 14Kepha uJohane wamalela wathi: “Yimi engiswela ukubhapathizwa nguwe; wena uza kimi na?”
15UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Khona wayesemvumela.
16 UJesu esebhapathiziwe wakhuphuka masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, eza phezu kwakhe. 17 Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMathewu 3: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo