NgokukaMathewu 26:1-16

NgokukaMathewu 26:1-16 ZUL59

Kwathi uJesu eseqedile onke lawo mazwi, wathi kubafundi bakhe: “Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kuyiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni.” Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase. Bacebisana ukuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. Kepha bathi: “Makungabi ngomkhosi, funa kube khona isiyaluyalu esizweni.” Kuthe uJesu eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko, kwafika kuye owesifazane ephethe umfuma we-alabaste* wamafutha anenani elikhulu, wawathela ekhanda lakhe ehlezi ekudleni. Kepha abafundi bakhe bebona lokho bathukuthela, bathi: “Kwenzelwani lokho kuchitha na? Ngokuba lokho nga kuthengisiwe ngokukhulu, kwaphiwa abampofu.” Kepha uJesu ekwazi lokho wathi kubo: “Nimhluphelani owesifazane na? Ngokuba usebenzile umsebenzi omuhle kimi; ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo. Ngokuba lapho ethela lawo mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungilungisela ukumbelwa. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona leli vangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.” Khona kwasuka omunye wabayishumi nambili othiwa uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu, wathi: “Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na?” Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu. Kusukela lapho wafuna ithuba lokumkhaphela.