YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMathewu 23:13, 14, 15, 16, 17, 18, 19, 20, 21, 22, 24, 25, 26, 27, 28, 29, 30, 31, 32, 33, 34, 35, 36, 37, 38, 39

NgokukaMathewu 23:13 ZUL59

“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.

NgokukaMathewu 23:14 ZUL59

Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide! Ngalokho-ke niyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.

NgokukaMathewu 23:15 ZUL59

“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite* lilinye, lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!

NgokukaMathewu 23:16 ZUL59

“Maye kinina baholi abayizimpumputhe enithi: ‘Ofunga ithempeli akulutho, kodwa ofunga igolide lethempeli uzibophile!’

NgokukaMathewu 23:17 ZUL59

Ziwula, zimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu kunegolide nethempeli elingcwelisa igolide na?

NgokukaMathewu 23:18 ZUL59

Futhi: ‘Yilowo ofunga i-altare akulutho, kodwa ofunga umnikelo ophezu kwalo uzibophile.’

NgokukaMathewu 23:19 ZUL59

Zimpumputhe, yikuphi okukhulu kunomnikelo ne-altare elingcwelisa umnikelo na?

NgokukaMathewu 23:20 ZUL59

Ngakho-ke ofunga i-altare ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo.

NgokukaMathewu 23:21 ZUL59

Nofunga ithempeli ufunga lona nohlezi kulo.

NgokukaMathewu 23:22 ZUL59

Nofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu nohlezi phezu kwaso.

NgokukaMathewu 23:24 ZUL59

Baholi abayizimpumputhe, nihluza insensane, niginge ikamela.

NgokukaMathewu 23:25 ZUL59

“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka!

NgokukaMathewu 23:26 ZUL59

Mfarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo.

NgokukaMathewu 23:27 ZUL59

“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!

NgokukaMathewu 23:28 ZUL59

Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.

NgokukaMathewu 23:29 ZUL59

“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaprofethi, nihlobisa amathuna abalungileyo!

NgokukaMathewu 23:30 ZUL59

Nithi: ‘Uma sasikhona emihleni yawobaba, sasingayikuhlanganyela nabo egazini labaprofethi.’

NgokukaMathewu 23:31 ZUL59

Kanjalo niyazifakazela nina ukuthi ningamadodana ababulala abaprofethi.

NgokukaMathewu 23:32 ZUL59

Nani gcwalisani isilinganiso sawoyihlo.

NgokukaMathewu 23:33 ZUL59

“Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa kwasesihogweni na?

NgokukaMathewu 23:34 ZUL59

Ngakho-ke, bhekani, mina ngithuma kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubabulala, nibabethele; abanye niyakubashaya emasinagogeni* enu, nibaxoshe imizi ngemizi

NgokukaMathewu 23:35 ZUL59

ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.

NgokukaMathewu 23:36 ZUL59

Ngiqinisile ngithi kini: Konke lokhu kuyakufika phezu kwalesi sizukulwane.

NgokukaMathewu 23:37 ZUL59

“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga.

NgokukaMathewu 23:38 ZUL59

Bhekani, indlu yenu isisala nani.

NgokukaMathewu 23:39 ZUL59

Ngokuba ngithi kini: Anisayikungibona nize nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”