YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMathewu 23:1, 2, 3, 4, 5, 6, 7, 8, 9, 10, 11, 12

NgokukaMathewu 23:1 ZUL59

Khona uJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe

NgokukaMathewu 23:2 ZUL59

wathi: “Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose.

NgokukaMathewu 23:3 ZUL59

Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi

NgokukaMathewu 23:4 ZUL59

babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo.

NgokukaMathewu 23:5 ZUL59

“Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu* abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho.

NgokukaMathewu 23:6 ZUL59

Bathanda izindawo ezingenhla ekudleni nezihlalo eziphambili emasinagogeni,*

NgokukaMathewu 23:7 ZUL59

nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi ‘Rabi’.

NgokukaMathewu 23:8 ZUL59

“Kepha nina maningabizwa ngokuthi ‘Rabi’; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane.

NgokukaMathewu 23:9 ZUL59

Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini.

NgokukaMathewu 23:10 ZUL59

Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu.

NgokukaMathewu 23:11 ZUL59

Kodwa omkhulu kini akabe yisikhonzi senu.

NgokukaMathewu 23:12 ZUL59

Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthothiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa.