UJesu wayesengena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza ‘umhume wabaphangi.’ ” Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini, waziphulukisa. Kepha abapristi abakhulu nababhali, bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka, bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na?” UJesu wathi kubo: “Yebo, anizange nifunde yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso,’ na?” Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona.
Funda NgokukaMathewu 21
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 21:12-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo