Sezimukile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, ithi: “Vuka uthabathe umntwana nonina, ubalekele eGibithe, uhlale khona, ngize ngikutshele; ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuba ambhubhise.” Wavuka-ke, wathabatha umntwana nonina ebusuku, wamuka waya eGibithe, wahlala khona, waze wafa uHerode, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: “Ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.” Khona uHerode, esebonile ukuthi izazi zimphambile, wathukuthela kakhulu, wathumela wabulala bonke abantwana besilisa baseBetlehema nasendaweni yonke yangakhona, abaminyaka mibili nangaphansi njengesikhathi abesibuzisisile kuzo izazi. Khona kwagcwaliseka okwakhulunywa ngoJeremiya umprofethi ukuthi: “Kwezwakala izwi eRama, ukukhala nokulila okukhulu, uRakheli ekhalela abantwana bakhe, engavumi ukududuzwa, ngokuba abasekho.” Kepha uHerode esefile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibithe, yathi: “Vuka uthabathe umntwana nonina, uye ezweni lakwa-Israyeli; ngokuba sebefile ababezingela ukuphila komntwana.”
Funda NgokukaMathewu 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 2:13-20
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo