Bheka-ke, kwasondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?” Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.” Wathi kuye: “Miphi na?” UJesu wathi: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” Insizwa yathi kuye: “Konke lokho ngikugcinile; ngisasilalelweni na?” UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.” Yathi insizwa ukuba izwe leli zwi, yamuka idabukile, ngokuba yayinengcebo enkulu. Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu. Futhi ngithi kini: Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”
Funda NgokukaMathewu 19
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 19:16-24
7 Days
Money can be awkward to talk about and difficult to understand. But how we spend our money often determines how we spend our lives. So how can we make sure we’re honoring God and serving others with our finances? In this 7-day Bible Plan, we’ll look at real stories from ordinary people who are learning how to take control of their budgets and live more generous lives.
8 days
What if we’re not measured by our accomplishments, but empowered by our relationships? Through refreshing stories, author Roger Thompson reveals the kind of power relationships wield to shape a man. Start this Life.Church Bible Plan with some friends today.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo