YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMathewu 18:10, 11, 12, 13, 14, 15, 16, 17, 19, 20, 21, 22, 23, 24, 25, 26, 27, 28, 29, 30, 31, 32, 33, 34, 35

NgokukaMathewu 18:10 ZUL59

Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.

NgokukaMathewu 18:11 ZUL59

Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo.

NgokukaMathewu 18:12 ZUL59

“Nithini na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo, na?

NgokukaMathewu 18:13 ZUL59

Athi uma eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza ngayo kakhulu kunangezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingadukanga.

NgokukaMathewu 18:14 ZUL59

Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.

NgokukaMathewu 18:15 ZUL59

“Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.

NgokukaMathewu 18:16 ZUL59

Kodwa uma engakuzwa, thatha futhi abe munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu.

NgokukaMathewu 18:17 ZUL59

Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi.

NgokukaMathewu 18:19 ZUL59

“Futhi ngiqinisile ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakulwenzelwa nguBaba osezulwini.

NgokukaMathewu 18:20 ZUL59

Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”

NgokukaMathewu 18:21 ZUL59

Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?”

NgokukaMathewu 18:22 ZUL59

UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.

NgokukaMathewu 18:23 ZUL59

“Ngalokho umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi obethanda ukubalisana nezinceku zakhe.

NgokukaMathewu 18:24 ZUL59

Kwathi eseqale ukubala, kwalethwa kuye enye enecala lamatalenta* ayizinkulungwane eziyishumi.

NgokukaMathewu 18:25 ZUL59

Kepha ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngayo, nangomkayo, nangabantabayo, nangakho konke enakho, kukhokhwe.

NgokukaMathewu 18:26 ZUL59

Ngalokho inceku yawa phansi, yakhuleka kuyo, yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela konke.’

NgokukaMathewu 18:27 ZUL59

Inkosi yaleyo nceku inesihe yayikhulula, yayithethelela icala.

NgokukaMathewu 18:28 ZUL59

“Kepha kwathi isiphuma leyo nceku, yafumana enye yezinceku ezikanye nayo enecala kuyo lawodenariyu* abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, yathi: ‘Khokha icala lakho.’

NgokukaMathewu 18:29 ZUL59

“Khona inceku ekanye nayo yawa phansi, yayincenga yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela.’

NgokukaMathewu 18:30 ZUL59

Kepha ayivumanga, kodwa yahamba, yayifaka etilongweni, ize ilikhokhe lelo cala.

NgokukaMathewu 18:31 ZUL59

“Izinceku ezikanye nayo zathi ukubona okwenzekileyo, zadabuka kakhulu, zaya zabika enkosini yazo konke okwenzekileyo.

NgokukaMathewu 18:32 ZUL59

Khona inkosi yayo yayibiza, yathi kuyo: ‘Nceku embi, lonke lelo cala ngikuthethelele lona ngokuba wangincenga

NgokukaMathewu 18:33 ZUL59

nga ungayihawukelanga yini inceku ekanye nawe, njengokuba nami ngikuhawukele, na?’

NgokukaMathewu 18:34 ZUL59

Inkosi yayo yathukuthela, yayinikela kubaphathi betilongo, ize ikhokhe lonke icala layo.

NgokukaMathewu 18:35 ZUL59

“Kanjalo naye uBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube yilowo nalowo umfowabo.”