YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMathewu 18:1, 2, 3, 4, 5, 6, 7, 8, 9

NgokukaMathewu 18:1 ZUL59

Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?”

NgokukaMathewu 18:2 ZUL59

Wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo

NgokukaMathewu 18:3 ZUL59

wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.

NgokukaMathewu 18:4 ZUL59

Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu.

NgokukaMathewu 18:5 ZUL59

Nalowo oyakwamukela umntwana onje abe munye ngegama lami uyangamukela mina.

NgokukaMathewu 18:6 ZUL59

Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, azikiswe ekujuleni kolwandle.

NgokukaMathewu 18:7 ZUL59

“Maye kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kepha maye kumuntu esiza ngaye isikhubekiso!

NgokukaMathewu 18:8 ZUL59

Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa, kumbe unyawo lwakho, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma unyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili nezinyawo zombili.

NgokukaMathewu 18:9 ZUL59

Noma iso lakho likukhubekisa, likhiphe, ulilahle. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni somlilo unamehlo omabili.