YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMathewu 12:22, 23, 24, 25, 26, 27, 28, 29, 30, 31, 32, 33, 34, 35, 36, 37, 38, 39, 40, 41, 42, 43, 44, 45, 46, 47, 48, 49, 50

NgokukaMathewu 12:22 ZUL59

Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe eyisimungulu; wamphulukisa, kwaze kwathi oyisimungulu wakhuluma, wabona.

NgokukaMathewu 12:23 ZUL59

Zase zimangala kakhulu izixuku zonke, zathi: “Lo asiyo indodana kaDavide na?”

NgokukaMathewu 12:24 ZUL59

Kepha abaFarisi bekuzwa bathi: “Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.”

NgokukaMathewu 12:25 ZUL59

Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, nalowo muzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme.

NgokukaMathewu 12:26 ZUL59

Uma uSathane emkhipha uSathane, wahlukene yedwa. Pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na?

NgokukaMathewu 12:27 ZUL59

Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu.

NgokukaMathewu 12:28 ZUL59

Kepha uma mina ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.

NgokukaMathewu 12:29 ZUL59

“Futhi umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso, na?

NgokukaMathewu 12:30 ZUL59

“Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.

NgokukaMathewu 12:31 ZUL59

Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.

NgokukaMathewu 12:32 ZUL59

Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo.

NgokukaMathewu 12:33 ZUL59

“Yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo.

NgokukaMathewu 12:34 ZUL59

Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

NgokukaMathewu 12:35 ZUL59

Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.

NgokukaMathewu 12:36 ZUL59

Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.

NgokukaMathewu 12:37 ZUL59

Ngokuba ngamazwi akho uyakuthethwa, nangamazwi akho uyakulahlwa.”

NgokukaMathewu 12:38 ZUL59

Kwase kuphendula abathile kubabhali nabaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esenziwa nguwe.”

NgokukaMathewu 12:39 ZUL59

Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.

NgokukaMathewu 12:40 ZUL59

Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.

NgokukaMathewu 12:41 ZUL59

Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, kukhona lapha okukhulu kunoJona.

NgokukaMathewu 12:42 ZUL59

Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.

NgokukaMathewu 12:43 ZUL59

“Nxa umoya ongcolileyo esephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezingenamanzi efuna ukuphumula, angakufumani.

NgokukaMathewu 12:44 ZUL59

Khona uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo;’ esefikile, ayifumane ize, ishaneliwe, ihlotshisiwe.

NgokukaMathewu 12:45 ZUL59

Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi.”

NgokukaMathewu 12:46 ZUL59

Esashumayela ezixukwini, bheka, unina nabafowabo babemi ngaphandle befuna ukukhuluma naye.

NgokukaMathewu 12:47 ZUL59

Omunye wathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe.”

NgokukaMathewu 12:48 ZUL59

Kepha waphendula, wathi komtshelileyo: “Ngubani umame, nabafowethu ngobani na?”

NgokukaMathewu 12:49 ZUL59

Welula isandla sakhe ngakubafundi bakhe, wathi: “Bhekani nangu umame nabafowethu.

NgokukaMathewu 12:50 ZUL59

Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”