NgokukaMathewu 10:38-42

NgokukaMathewu 10:38-42 ZUL59

nongathabathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele. Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana. “Onamukela nina uyangamukela mina; ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo. Owamukela umprofethi ngegama lomprofethi uyakuzuza umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngegama lolungileyo uyakuzuza umvuzo wolungileyo. Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”

Video for NgokukaMathewu 10:38-42

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 10:38-42