Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengomkhuba wakhe, nabafundi bakhe bamlandela. Esefikile endaweni wathi kubo: “Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni.” Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka, wathi: “Baba, uma uthanda, susa lesi sitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.” Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa. Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini. Esesukume ekukhulekeni weza kubafundi bakhe, wabafumana belele ngokudabuka. Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.”
Funda NgokukaLuka 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 22:39-46
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo