NgokukaLuka 2:41, 42, 43, 44, 45, 46, 47, 48, 49, 50, 51, 52
NgokukaLuka 2:41 ZUL59
Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika.
NgokukaLuka 2:42 ZUL59
Eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphuka njengokomthetho womkhosi.
NgokukaLuka 2:43 ZUL59
Sebeziqedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi.
NgokukaLuka 2:44 ZUL59
Bethi-ke bona uphakathi kwabahambisana nabo bahamba ibanga losuku, bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo.
NgokukaLuka 2:46 ZUL59
Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza.
NgokukaLuka 2:47 ZUL59
Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe.
NgokukaLuka 2:48 ZUL59
Bathi bembona, bamangala; unina wathi kuye: “Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.”
NgokukaLuka 2:49 ZUL59
Wathi kubo: “Kukanjani, beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe kokukaBaba na?”
NgokukaLuka 2:51 ZUL59
Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawagcina onke lawa mazwi enhliziyweni yakhe.
NgokukaLuka 2:52 ZUL59
UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.