YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 2:41, 42, 43, 44, 45, 46, 47, 48, 49, 50, 51, 52

NgokukaLuka 2:41 ZUL59

Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika.

NgokukaLuka 2:42 ZUL59

Eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphuka njengokomthetho womkhosi.

NgokukaLuka 2:43 ZUL59

Sebeziqedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi.

NgokukaLuka 2:44 ZUL59

Bethi-ke bona uphakathi kwabahambisana nabo bahamba ibanga losuku, bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo.

NgokukaLuka 2:45 ZUL59

Bengamtholi babuyela eJerusalema, bemfuna.

NgokukaLuka 2:46 ZUL59

Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza.

NgokukaLuka 2:47 ZUL59

Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe.

NgokukaLuka 2:48 ZUL59

Bathi bembona, bamangala; unina wathi kuye: “Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.”

NgokukaLuka 2:49 ZUL59

Wathi kubo: “Kukanjani, beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe kokukaBaba na?”

NgokukaLuka 2:50 ZUL59

Abaliqondanga lelo zwi abelikhuluma kubo.

NgokukaLuka 2:51 ZUL59

Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawagcina onke lawa mazwi enhliziyweni yakhe.

NgokukaLuka 2:52 ZUL59

UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.