Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni; lo muntu wayelungile, emesaba uNkulunkulu, ebhekile induduzo ka-Israyeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe. Kwakubonakalisiwe kuye ngoMoya oNgcwele ukuthi akayikubona ukufa engakamboni uKristu weNkosi. Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba benze kuye njengesiko lomthetho, wamamukela ngokumgona, wambonga uNkulunkulu, wathi: “Sale usumukisa ngokuthula inceku yakho, Somandla, njengezwi lakho, ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho oyilungisele ebusweni babantu bonke, ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.” Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye. USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo
Funda NgokukaLuka 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 2:25-34
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo