YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 2:1, 3, 4, 5, 6, 7, 8, 9, 10, 11, 12, 13, 14, 15, 16, 17, 18, 19, 20, 21, 22, 23, 24, 25, 26, 27, 28, 29, 30, 31, 32, 33, 34, 35, 36, 37, 38, 39, 40

NgokukaLuka 2:1 ZUL59

Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke.

NgokukaLuka 2:3 ZUL59

Bonke baya kubalwa, yilowo nalowo emzini wakubo.

NgokukaLuka 2:4 ZUL59

Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide

NgokukaLuka 2:5 ZUL59

ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe.

NgokukaLuka 2:6 ZUL59

Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe.

NgokukaLuka 2:7 ZUL59

Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi.

NgokukaLuka 2:8 ZUL59

Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku.

NgokukaLuka 2:9 ZUL59

Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu.

NgokukaLuka 2:10 ZUL59

Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke

NgokukaLuka 2:11 ZUL59

ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.

NgokukaLuka 2:12 ZUL59

Nalokhu kuyisiboniso kini: niyakufumana umntwana embesiwe, elele emkhombeni.”

NgokukaLuka 2:13 ZUL59

Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi

NgokukaLuka 2:14 ZUL59

“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”

NgokukaLuka 2:15 ZUL59

Kwathi ukuba zimuke kubo izingelosi ziya ezulwini, abelusi bakhuluma bodwa, bathi: “Asihambe manje, size sifike eBetlehema, sibone leyo nto eyenzekileyo iNkosi esazisile yona.”

NgokukaLuka 2:16 ZUL59

Bephuthuma bafika, bafumanisa oMariya noJosefa, nomntwana olele emkhombeni.

NgokukaLuka 2:17 ZUL59

Sebebonile balanda ngalelo zwi ababetshelwe lona ngalowo mntwana.

NgokukaLuka 2:18 ZUL59

Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi.

NgokukaLuka 2:19 ZUL59

Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe.

NgokukaLuka 2:20 ZUL59

Babuya-ke abelusi bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke abakuzwileyo nabakubonileyo, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo.

NgokukaLuka 2:21 ZUL59

Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili zokuba umntwana asokwe, igama lakhe lathiwa uJesu, elaliqanjiwe yingelosi, engakathatshathwa esiswini.

NgokukaLuka 2:22 ZUL59

Kwathi ukuba kuphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwabo ngokomthetho kaMose, benyukela naye eJerusalema ukuba bammise phambi kweNkosi

NgokukaLuka 2:23 ZUL59

njengokulotshiwe emthethweni weNkosi ukuthi: “Konke okwesilisa okuyizibulo kuyakuthiwa okwahlukaniselwe iNkosi”

NgokukaLuka 2:24 ZUL59

banikele ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi: “Amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.”

NgokukaLuka 2:25 ZUL59

Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni; lo muntu wayelungile, emesaba uNkulunkulu, ebhekile induduzo ka-Israyeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.

NgokukaLuka 2:26 ZUL59

Kwakubonakalisiwe kuye ngoMoya oNgcwele ukuthi akayikubona ukufa engakamboni uKristu weNkosi.

NgokukaLuka 2:27 ZUL59

Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba benze kuye njengesiko lomthetho

NgokukaLuka 2:28 ZUL59

wamamukela ngokumgona, wambonga uNkulunkulu, wathi

NgokukaLuka 2:29 ZUL59

“Sale usumukisa ngokuthula inceku yakho, Somandla, njengezwi lakho

NgokukaLuka 2:30 ZUL59

ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho

NgokukaLuka 2:31 ZUL59

oyilungisele ebusweni babantu bonke

NgokukaLuka 2:32 ZUL59

ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.”

NgokukaLuka 2:33 ZUL59

Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye.

NgokukaLuka 2:34 ZUL59

USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo

NgokukaLuka 2:35 ZUL59

yebo, inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo – ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.”

NgokukaLuka 2:36 ZUL59

Kwakukhona nomprofethikazi, u-Ana, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Aseri; wayesekhulile kakhulu, ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe

NgokukaLuka 2:37 ZUL59

engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.

NgokukaLuka 2:38 ZUL59

Naye-ke efika ngasona leso sikhathi wamtusa uNkulunkulu, wakhuluma ngaye kubo bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema.

NgokukaLuka 2:39 ZUL59

Kwathi sebefeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile emzini wakubo iNazaretha.

NgokukaLuka 2:40 ZUL59

Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.