YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 15:1, 2, 3, 4, 5, 6, 7, 8, 9, 10

NgokukaLuka 15:1 ZUL59

Kwase kusondela kuye bonke abathelisi nezoni ukumuzwa.

NgokukaLuka 15:2 ZUL59

AbaFarisi nababhali base bakhonona bethi: “Lo muntu wamukela izoni, adle nazo.”

NgokukaLuka 15:3 ZUL59

Wayesebalandisa lo mfanekiso, ethi

NgokukaLuka 15:4 ZUL59

“Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu, alahlekelwe ngenye kuzo, angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane, aye kwelahlekileyo, aze ayithole, na?

NgokukaLuka 15:5 ZUL59

Athi eseyitholile, ayetshathe ethokoza.

NgokukaLuka 15:6 ZUL59

Esefike ekhaya ameme abahlobo nabakhelwane, athi kubo: ‘Thokozani nami, ngokuba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.’

NgokukaLuka 15:7 ZUL59

Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.

NgokukaLuka 15:8 ZUL59

“Noma ngumuphi owesifazane othi enezinhlamvu zesiliva eziyishumi, uma elahlekelwe luhlamvu lwaba lunye, angokheli isibani, ashanele indlu, afunisise, aze aluthole?

NgokukaLuka 15:9 ZUL59

Athi ukuba aluthole, abize abahlobo nabakhelwane, athi: ‘Thokozani nami, ngokuba ngilutholile uhlamvu lwami obelungilahlekele.’

NgokukaLuka 15:10 ZUL59

Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.”