YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 1:57, 58, 59, 60, 61, 62, 63, 64, 65, 66, 67, 68, 69, 70, 71, 72, 73, 74, 75, 76, 77, 78, 79, 80

NgokukaLuka 1:57 ZUL59

Saphelela-ke isikhathi sika-Elisabethe sokuba abelethe; wazala indodana.

NgokukaLuka 1:58 ZUL59

Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu sayo saba sikhulu kuye, bathokoza naye.

NgokukaLuka 1:59 ZUL59

Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukusoka umntwana, bamqamba ngegama likayise uZakariya.

NgokukaLuka 1:60 ZUL59

Unina wayesephendula ethi: “Qhabo, uzakuthiwa uJohane.”

NgokukaLuka 1:61 ZUL59

Bathi kuye: “Akakho noyedwa emndenini wakini obizwa ngalelo gama.”

NgokukaLuka 1:62 ZUL59

Bamqhweba uyise ukuthi ufuna ukumqamba ngaliphi.

NgokukaLuka 1:63 ZUL59

Wabiza isileti,* waloba ukuthi. “NguJohane igama lakhe.” Bamangala bonke.

NgokukaLuka 1:64 ZUL59

Kwase kuvuleka umlomo wakhe khona lapho nolimi lwakhe, wakhuluma embonga uNkulunkulu.

NgokukaLuka 1:65 ZUL59

Bonke abakhelene nabo behlelwa ngukwesaba, bakhuluma ngazo zonke lezo zindaba kulo lonke lezintaba laseJudiya

NgokukaLuka 1:66 ZUL59

nabo bonke abazizwayo bazigcina ezinhliziyweni zabo, bethi: “Kodwa lo mntwana uyakuba yini na?” Isandla seNkosi sasinaye.

NgokukaLuka 1:67 ZUL59

UZakariya uyise wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha wathi

NgokukaLuka 1:68 ZUL59

“Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabenzela inkululeko.

NgokukaLuka 1:69 ZUL59

Yasivusela uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yayo

NgokukaLuka 1:70 ZUL59

njengalokho yakhuluma ngomlomo wabaprofethi bayo abangcwele basendulo

NgokukaLuka 1:71 ZUL59

insindiso ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo

NgokukaLuka 1:72 ZUL59

ukwenzela okhokho bethu isihawu nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele

NgokukaLuka 1:73 ZUL59

isifungo eyasifunga kubaba u-Abrahama

NgokukaLuka 1:74 ZUL59

ukusinika ukuba sithi sikhululiwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singenakwesaba

NgokukaLuka 1:75 ZUL59

ngobungcwele nangokulunga phambi kwayo zonke izinsuku zethu.

NgokukaLuka 1:76 ZUL59

Nawe-ke mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba uyakuhamba phambi kweNkosi ukulungisa izindlela zayo

NgokukaLuka 1:77 ZUL59

ukunika abantu bayo ukuyazi insindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo

NgokukaLuka 1:78 ZUL59

ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethu esizakuhanjelwa ngayo ngukusa kwaphezulu

NgokukaLuka 1:79 ZUL59

ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”

NgokukaLuka 1:80 ZUL59

Wakhula-ke umntwana, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.