ULevitikusi 1

1
Umthetho weminikelo yokushiswa
1UJehova esetendeni lokuhlangana wambiza uMose, wakhuluma kuye, wathi: 2“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu wakini eletha umnikelo kuJehova, anonikela ngomnikelo wenu wezinkomo zemihlambi nowezimvu.
3“ ‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova. 4 Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa; uyakwamukelwa ngenxa yakhe, umenzele ukubuyisana. 5Wolihlaba iduna phambi kukaJehova, amadodana ka-Aroni, abapristi, alethe igazi, afafaze ngegazi nxazonke ze-altare elingasemnyango wetende lokuhlangana. 6Uyakuhlinza umnikelo wokushiswa, awuhlahlele izitho. 7Amadodana ka-Aroni umpristi abeke umlilo e-altare, ahlele izinkuni phezu komlilo; 8amadodana ka-Aroni, abapristi, ahlele izitho, nenhloko, namanoni, phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare, 9 ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.
10“ ‘Uma umnikelo wakhe ungowemihlambi, owasezimvini noma owasezimbuzini, ube ngumnikelo wokushiswa, wonikela ngeduna elingenasici. 11Alihlabe ngasohlangothini lwe-altare olungasenyakatho phambi kukaJehova; amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare ngegazi lalo nxazonke. 12Alihlahlele izitho nenhloko yalo namanoni alo, umpristi akuhlele phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare, 13ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise e-altare kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.
14“ ‘Uma umnikelo wakhe kuJehova ungumnikelo wokushiswa kwezinyoni, wonikela ngomnikelo wamahobhe noma ngowamaphuphu amajuba. 15Umpristi awulethe e-altare, awushumpule inhloko, awushise e-altare, igazi lawo likhanyelwe ngasohlangothini lwe-altare, 16asuse ingila nezimpaphe, akulahle ngaseceleni kwe-altare ngasempumalanga endaweni yomlotha, 17awuqaqe ngamaphiko awo, angawudabuli kodwa; umpristi awushise e-altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, ube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.

Okuqokiwe okwamanje:

ULevitikusi 1: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo