YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaJohane 7:1, 2, 3, 4, 5, 6, 8, 9, 10, 11, 12, 13, 14, 15, 16, 17, 18, 19, 20, 21, 22, 23, 24, 25, 26, 27, 28, 29, 30, 31, 32, 33, 34, 35, 36, 37, 38, 39, 40, 41, 42, 43, 44

NgokukaJohane 7:1 ZUL59

Emva kwalokho uJesu wahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, lokhu abaJuda bebefuna ukumbulala.

NgokukaJohane 7:2 ZUL59

Kwase kusondele umkhosi wabaJuda, owamadokodo.

NgokukaJohane 7:3 ZUL59

Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo.

NgokukaJohane 7:4 ZUL59

Ngokuba akukho muntu owenza utho ekusithekeni, efuna yena uqobo lwakhe abe sobala. Uma wenza lezi zinto, zibonakalise wena kulo izwe.”

NgokukaJohane 7:5 ZUL59

Ngokuba nabafowabo babengakholwa nguye.

NgokukaJohane 7:6 ZUL59

Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, isikhathi senu silungile njalo.

NgokukaJohane 7:8 ZUL59

Yenyukani nina, niye emkhosini; mina angenyukeli manje kulo mkhosi; ngokuba esami isikhathi asikapheleli.”

NgokukaJohane 7:9 ZUL59

Eseshilo lokho kubo wahlala eGalile.

NgokukaJohane 7:10 ZUL59

Sebenyukele emkhosini abafowabo, naye-ke wenyuka, kungesobala kepha kungathi kungasese.

NgokukaJohane 7:11 ZUL59

Khona abaJuda bamfuna emkhosini, bathi: “Uphi yena na?”

NgokukaJohane 7:12 ZUL59

Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye phakathi kwezixuku. Abanye bathi: “Muhle;” abanye bathi: “Qha, ngokuba udukisa abantu.”

NgokukaJohane 7:13 ZUL59

Nokho kwakungekho muntu owakhuluma obala ngaye ngokwesaba abaJuda.

NgokukaJohane 7:14 ZUL59

Kuthe sekuphakathi komkhosi, uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.

NgokukaJohane 7:15 ZUL59

Ngakho abaJuda bamangala bathi: “Lona uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?”

NgokukaJohane 7:16 ZUL59

Khona uJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo.

NgokukaJohane 7:17 ZUL59

Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami.

NgokukaJohane 7:18 ZUL59

Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye.

NgokukaJohane 7:19 ZUL59

UMose kaninikanga yini umthetho na? Nokho akakho kini ogcina umthetho. Nifunelani ukungibulala na?”

NgokukaJohane 7:20 ZUL59

Isixuku saphendula sathi: “Unedemoni wena; ngubani ofuna ukukubulala na?”

NgokukaJohane 7:21 ZUL59

UJesu waphendula, wathi kubo: “Munye umsebenzi engiwenzile, niyamangala nonke.

NgokukaJohane 7:22 ZUL59

Ngokuba uMose uninikile ukusoka – kungesikho ukuthi kuvela kuMose kodwa kokhokho – niyamsoka umuntu nangesabatha.

NgokukaJohane 7:23 ZUL59

Uma umuntu amukela ukusoka ngesabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho, ningithukuthelela ngokuba ngaphulukisa umuntu ngokuphelele ngesabatha na?

NgokukaJohane 7:24 ZUL59

Ningahluleli ngokwamehlo, kepha yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.”

NgokukaJohane 7:25 ZUL59

Base bethi abanye kwabaseJerusalema: “Lo akusiye yini abafuna ukumbulala na?

NgokukaJohane 7:26 ZUL59

Bheka, ukhuluma obala, kabasho lutho kuye. Kungaba ngukuthi ababusi sebazi isibili ukuthi lo unguKristu na?

NgokukaJohane 7:27 ZUL59

Kodwa lo siyamazi lapho evela khona; kepha uKristu, nxa efika, akakho owazi lapho evela khona.”

NgokukaJohane 7:28 ZUL59

Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina.

NgokukaJohane 7:29 ZUL59

Ngiyamazi mina, ngokuba ngivela kuye, futhi nguye ongithumileyo.”

NgokukaJohane 7:30 ZUL59

Ngakho bafuna ukumbamba, kepha akubangakho owambeka isandla, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.

NgokukaJohane 7:31 ZUL59

Kepha esixukwini abaningi bakholwa nguye, bathi: “UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?”

NgokukaJohane 7:32 ZUL59

AbaFarisi bezwa isixuku sikhonona ngalezo zinto ngaye; abapristi abakhulu nabaFarisi base bethuma izikhonzi ukuba zimbambe.

NgokukaJohane 7:33 ZUL59

Ngakho-ke uJesu wathi: “Kuseyisikhashana ngikhona kini, besengimuka, ngiye kongithumileyo.

NgokukaJohane 7:34 ZUL59

Niyakungifuna, ningangifumani, nalapho ngikhona, ningeze nina.”

NgokukaJohane 7:35 ZUL59

Ngakho abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo lapho singayikumthola na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kumaGreki, afundise amaGreki, na?

NgokukaJohane 7:36 ZUL59

Lizwi lini leli alishoyo lokuthi: ‘Niyakungifuna, ningangifumani,’ nokuthi: ‘Lapho ngikhona, ningeze nina,’ na?”

NgokukaJohane 7:37 ZUL59

Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.

NgokukaJohane 7:38 ZUL59

Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.”

NgokukaJohane 7:39 ZUL59

Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.

NgokukaJohane 7:40 ZUL59

Abanye besixuku sebezwa lawa mazwi bathi: “Lo ungumprofethi isibili.”

NgokukaJohane 7:41 ZUL59

Abanye bathi: “Lo unguKristu.” Kepha abanye bathi: “Kanti uKristu uvela eGalile na?

NgokukaJohane 7:42 ZUL59

Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBetlehema, emzaneni lapho wayekhona uDavide na?”

NgokukaJohane 7:43 ZUL59

Ngakho kwaba khona ukwahlukana ngaye esixukwini.

NgokukaJohane 7:44 ZUL59

Abanye-ke kubo babethanda ukumbamba; kepha akubangakho owambeka izandla.