NgokukaJohane 6:61, 62, 63, 64, 65, 66, 67, 68, 69, 70, 71
NgokukaJohane 6:61 ZUL59
Kepha uJesu azi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi: “Lokhu kuyanicunula na?
NgokukaJohane 6:62 ZUL59
Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na?
NgokukaJohane 6:63 ZUL59
NguMoya ophilisayo, inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhulume kini angumoya, angukuphila.
NgokukaJohane 6:64 ZUL59
Kepha bakhona abanye phakathi kwenu abangakholwa. Ngokuba uJesu wazi kwasekuqaleni ukuba ngobani abangakholwa nokuba ngubani ozakumkhaphela.”
NgokukaJohane 6:65 ZUL59
Wayesethi: “Kungenxa yalokho ngithe kini: Akakho ongeza kimi uma engakuphiwe nguBaba.”
NgokukaJohane 6:66 ZUL59
Emva kwalokho abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.
NgokukaJohane 6:67 ZUL59
Ngakho uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani nithanda ukumuka na?”
NgokukaJohane 6:68 ZUL59
USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.
NgokukaJohane 6:69 ZUL59
Siyakholwa, siyazi ukuthi wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
NgokukaJohane 6:70 ZUL59
UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na? Kepha omunye kini ungusathane.”
NgokukaJohane 6:71 ZUL59
Wayekhuluma ngoJuda Iskariyothe kaSimoni, ngokuba nguye obezakumkhaphela engomunye wabayishumi nambili.