YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaJohane 19:38, 39, 40, 41, 42

NgokukaJohane 19:38 ZUL59

Emva kwalokho uJosefa wase-Arimatheya, engumfundi kaJesu kepha ekufihla ngokwesaba abaJuda, wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wavuma-ke. Wayesefika, wasisusa isidumbu sikaJesu.

NgokukaJohane 19:39 ZUL59

Kweza noNikodemu owafika kuye kuqala ebusuku, waletha ixube lenhlaka nomhlaba kungathi amalitra* ayikhulu.

NgokukaJohane 19:40 ZUL59

Ngakho base besithatha isidumbu sikaJesu, basisonga ngezindwangu zelineni kanye namakha njengesiko labaJuda lokumbela.

NgokukaJohane 19:41 ZUL59

Khona ngakuleyo ndawo, lapho wayebethelwe khona esiphambanweni, kwakukhona insimu, nasensimini kukhona ithuna elisha okwakungazange kubekwe muntu kulo.

NgokukaJohane 19:42 ZUL59

Bambeka lapho-ke uJesu ngenxa yolokulungisela lwabaJuda, ngokuba ithuna laliseduze.

Free Reading Plans and Devotionals related to NgokukaJohane 19:38, 39, 40, 41, 42