YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaJohane 18:1, 2, 3, 4, 5, 6, 7, 8, 9, 10, 11, 12, 13, 14, 15, 16, 17, 19

NgokukaJohane 18:1 ZUL59

UJesu esekhulume lawo mazwi waphuma kanye nabafundi bakhe, waya phesheya komfudlana iKedroni, lapho kwakukhona insimu angena kuyo yena nabafundi bakhe.

NgokukaJohane 18:2 ZUL59

NoJuda owamkhaphelayo wayeyazi leyo ndawo, ngokuba uJesu wayevama ukuhlangana khona nabafundi bakhe.

NgokukaJohane 18:3 ZUL59

Khona uJuda, esethole isigaba samabutho nezikhonzi kubapristi abakhulu nabaFarisi, waya lapho, benezihlanti nezibani nezikhali.

NgokukaJohane 18:4 ZUL59

Khona uJesu ekwazi konke okuyakumehlela waphuma, wathi kubo: “Nifuna ubani na?”

NgokukaJohane 18:5 ZUL59

Bamphendula bathi: “UJesu waseNazaretha.” UJesu wathi kubo: “Yimina.” UJuda omkhaphelayo wayemi nabo.

NgokukaJohane 18:6 ZUL59

Kuthe-ke ukuba athi kubo: “Yimina,” bahlehla nyovane, bawa phansi.

NgokukaJohane 18:7 ZUL59

Waphinda wababuza wathi: “Nifuna ubani na?” Bathi: “UJesu waseNazaretha.”

NgokukaJohane 18:8 ZUL59

UJesu waphendula wathi: “Nginitshelile ukuthi yimina; uma-ke nifuna mina, bayekeni laba, bahambe,”

NgokukaJohane 18:9 ZUL59

ukuba ligcwaliseke izwi alishiloyo lokuthi: “Kulabo ongiphe bona angilahlekelwanga namunye.”

NgokukaJohane 18:10 ZUL59

USimoni Petru enenkemba wayihosha, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. Igama lenceku lalinguMalkusi.

NgokukaJohane 18:11 ZUL59

Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba emgodleni wayo; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na?”

NgokukaJohane 18:12 ZUL59

Njalo-ke isigaba nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha

NgokukaJohane 18:13 ZUL59

baqala bamyisa ku-Anase, ngokuba engumukhwe kaKayafase obengumpristi omkhulu walowo mnyaka.

NgokukaJohane 18:14 ZUL59

UKayafase kambe nguye owaluleka abaJuda ngokuthi kubalungele ukuba kufe umuntu abe munye ngenxa yesizwe.

NgokukaJohane 18:15 ZUL59

USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu

NgokukaJohane 18:16 ZUL59

kepha uPetru wayemi ngaphandle emnyango. Waphuma-ke lowo mfundi omunye owaziwa ngumpristi omkhulu, wakhuluma nomlindikazi womnyango, wamngenisa uPetru.

NgokukaJohane 18:17 ZUL59

Intombazana elinda emnyango yayisithi kuPetru: “Imbala nawe awusiye owabafundi balowo muntu na?” Wathi yena: “Angisiye.”

NgokukaJohane 18:19 ZUL59

Kepha umpristi omkhulu wabuza uJesu ngabafundi bakhe nangemfundiso yakhe.