NgokukaJohane 15:14-17

NgokukaJohane 15:14-17 ZUL59

Ningabahlobo bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho. Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani, kepha ngithe ningabahlobo nina, ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona. Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona. Nginiyala ngalezo zinto, ukuze nithandane.

Video for NgokukaJohane 15:14-17