NgokukaJohane 14:16-18
NgokukaJohane 14:16-18 ZUL59
Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade, uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini. Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini.