UJeremiya 1:1-9

UJeremiya 1:1-9 ZUL59

Amazwi kaJeremiya, indodana kaHilikiya, wabapristi ababe se-Anathoti ezweni lakwaBenjamini, okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe; lafika futhi ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kuze kube sekupheleni komnyaka weshumi nanye kaSedekiya indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kuze kube sekuthunjweni kweJerusalema ngenyanga yesihlanu. Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi: “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.” Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.” Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma. Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova. UJehova wayeselula isandla sakhe, wawuthinta umlomo wami; uJehova wathi kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.