EkaJakobe 4:13-16

EkaJakobe 4:13-16 ZUL59

Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,” anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala. Nga nisho nithi: “Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.” Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzigabisa okunjalo kubi.