U-Isaya 63
63
Usuku lokuphindisela
1 Ngubani lona ovela kwa-Edomi
enezingubo ezibomvu zakwaBosira,
lona ohlobile ngezambatho zakhe
ehamba ngobukhulu bamandla akhe, na?
“Yimi engikhuluma ngokulunga
nenginamandla okusindisa.”
2 Kungani ukuba izambatho zakho zibomvu,
nezingubo zakho zinjengezonyathela
esikhamweni sewayini, na?
3“Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa;
kwakungekho nami noyedwa kubantu;
ngabanyathela ngentukuthelo yami,
ngabaciphiza ngokufutheka kwami,
negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami,
ngazingcolisa zonke izambatho zami.
4 Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami;
umnyaka wokuhlenga kwami usufikile.
5 Ngabheka, kepha kwakungekho osizayo;
ngamangala, kepha kwakungekho osekelayo;
yayisingisindisa ingalo yami,
nokufutheka kwami kwangisekela.
6 Ngase nginyathela abantu ngentukuthelo yami,
ngabachoboza ngokufutheka kwami,
ngathululela phansi igazi labo.”
7 Ngiyakubonga umusa kaJehova,
ngimdumise uJehova
ngakho konke uJehova asenzele khona,
nokuhle okuningi phezu kwendlu ka-Israyeli
ayisebenzele khona ngobubele bakhe
nangobuningi bomusa wakhe.
8Wathi: “Nempela bangabantu bami,
abantwana abangakhohlisi,”
waba ngumsindisi wabo.
9 Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye,
ingelosi yobuso bakhe yabasindisa;
ngothando lwakhe nangokuhawukela
kwakhe wabahlenga,
wabanqukula,
wabathwala zonke izinsuku zakuqala.
10 Kepha bahlubuka,
badabukisa uMoya wakhe oNgcwele,
waphenduka isitha sabo, walwa nabo.
11 Abantu bakhe base bekhumbula
izinsuku zakuqala zikaMose, bathi:
Uphi yena owabakhipha elwandle
kanye nabelusi bomhlambi wakhe, na?
Uphi yena owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,
12owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayo
ihambe ngakwesokunene sikaMose,
owahlukanisa amanzi phambi kwabo
ukuba azenzele igama eliphakade;
13owabadabulisa elwandle njengehhashi ehlane,
ukuze bangakhubeki, na?
14Njengezinkomo ezehlela esigodini
uMoya kaJehova wabaphumuza.
Wahola kanjalo abantu bakho
ukuba uzenzele igama elimangalisayo.
15 Bheka usezulwini,
ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho:
kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na?
Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.
16 Ngokuba wena unguBaba;
ngokuba u-Abrahama akasazi,
no-Israyeli akasivumi.
Wena Jehova unguBaba;
igama lakho linguMhlengi wethu waphakade.
17 Jehova, usidukiselani ezindleleni zakho,
uzenze lukhuni izinhliziyo zethu zingakwesabi, na?
Buya ngenxa yezinceku zakho,
izizwe zefa lakho.
18 Abantu bakho abangcwele
balidla ifa isikhashana nje;
izitha zethu
zinyathele phansi indlu yakho engcwele.
19Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo,
nabangabizwanga ngegama lakho.
Okuqokiwe okwamanje:
U-Isaya 63: ZUL59
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.