U-Isaya 23

23
Isiprofetho ngeTire
1 Isiprofetho ngeTire.
Klewulani nina,
Mikhumbi yaseTharishishi,
ngokuba lichithekile;
indlu ayisekho,
nokungena akusenakwenzeka;
kwambulelwe kubo kuvela ezweni laseKitimi.
2Thulani nina enakhileyo ngasogwini,
nina abathengisi baseSidoni abanigcwalisile
bedabula elwandle.
3Emanzini amaningi imbewu yaseSihori
nokuvuna kweNayile
kwakuyinzuzo yalo;
laliyindawo yokuthenga kuzo izizwe.
4Yiba namahloni wena Sidoni,
ngokuba lukhulumile ulwandle,
inqaba yolwandle, ngokuthi:
“Angibanga namihelo, angizalanga,
angikhulisanga izinsizwa,
angondlanga izintombi.”
5Lapho kubikwa eGibithe,
bayakuthuthumela ngokuzwa ngeTire.
6Welani niye eTharishishi;
klewulani nina enakhileyo ngasogwini.
7Yilowo ongumuzi wenu ojabulayo,
ubudala bawo busukela ezinsukwini zasendulo,
owayiswa kude yizinyawo zawo
ukuba uhlale khona, na?
8 Ngubani ocebe lokhu ngeTire eliqhelisayo,
elibathengi balo bayizikhulu,
nabahwebi balo bangabadumileyo bomhlaba, na?
9NguJehova Sebawoti okucebileyo
ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi,
badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.
10Dabula izwe lakho njengeNayile,
ndodakazi yaseTharishishi;
akusekho bhande.*
11Welulile isandla sakhe phezu kolwandle,
wazamazamisa imibuso;
uJehova uyalezile ngeKhanani
ukuba kuchithwe izinqaba zalo.
12Wathi: “Awusayikujabula
wena ntombi ehlazisiweyo,
ndodakazi yaseSidoni;
vuka, uwelele eKitimi;
nalapho awuyikuthola ukuphumula.”
13Bheka, izwe lamaKaledi,
leso sizwe esingasekho,
esanqunyelwa yi-Asiriya izilwane zasehlane,
limisa imibhoshongo,
lizenza ize izindlu zaso zamakhosi,
lenza laba yincithakalo.
14Klewulani nina mikhumbi yaseTharishishi,
ngokuba inqaba yenu ichithekile.
15Kuyakuthi ngalolo suku iTire likhohlakale iminyaka engamashumi ayisikhombisa njengezinsuku zankosinye. Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa kuyakuba khona kulo iTire njengasesihlabelelweni sesifebe:
16“Thatha ihabhu,* uhambahambe emzini
wena sifebe esikhohlakeleyo,
ubethe kamnandi,
uhlabelele izihlabelelo eziningi,
ukuze ukhunjulwe.”
17Kuyakuthi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa uJehova ahambele iTire, lona libuyele enzuzweni yalo, lifebe nayo yonke imibuso yezwe ebusweni bomhlaba. 18 Intengo yalo nenzuzo yalo iyakuba ngcwele kuJehova; ayiyikunqwabelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyakuba ngeyabahlala phambi kukaJehova, ukuze badle basuthe, babe nezingubo ezinhle.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Isaya 23: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume