Ngokuba lokhu umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo; uma kwakungenjalo, nga ingayekwanga ukunikelwa na? lokhu phela abakhonzayo sebehlanjululwe kanye babengasayikuba novalo ngezono. Kodwa kuleyo mihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka; ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono. Ngalokho-ke esefika ezweni uthi: “Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba. Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo ngenxa yesono awuyithokozelanga. Ngase ngithi: ‘Bheka, ngiyeza – emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami – ukuba ngiyenze, Nkulunkulu, intando yakho.’ ” Eseshilo ngasenhla ukuthi: “Imihlatshelo, neminikelo, neminikelo yokushiswa, nemihlatshelo ngenxa yezono awuyithandanga, awuyithokozelanga,” eyona ilethwa ngokomthetho, ubuye wathi: “Bheka, ngiyeza ukwenza intando yakho.” Ususa okokuqala, ukuze amise okwesibili. Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.
Funda KumaHeberu 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KumaHeberu 10:1-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo