U-Adamu wamazi umkakhe u-Eva; wakhulelwa, wazala uKayini;* wathi: “Ngitholile indoda kuJehova.” Waphinda wazala u-Abela umfowabo. U-Abela waba ngumalusi, uKayini waba ngumlimi. Kwathi emva kwezinsuku ezithile uKayini waletha kuJehova umnikelo wezithelo zomhlabathi. Naye u-Abela waletha umnikelo kuwo amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo. UJehova wanaka u-Abela nomnikelo wakhe. Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala. UJehova wathi kuKayini: “Uthukuthelelani na? Ubuso bakho bunyukumeleleni na?
Funda UGenesise 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 4:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo