UGenesise 30:27-43

UGenesise 30:27-43 ZUL59

ULabani wayesethi kuye: “Ake ngifumane umusa emehlweni akho. Sengibonile ukuthi uJehova ungibusisile ngenxa yakho.” Wathi futhi: “Nquma umvuzo wakho, ngikuphe wona.” Wathi kuye: “Uyazi wena ukuthi ngikukhonze kanjani nokuthi izinkomo zakho zazinjani kimi. Ngokuba kwakukuncane okwakho ngingakafiki; kepha kwandile, sekukuningi; uJehova ukubusisile ezinyathelweni zami; manje ngiyakuyisebenzela nini eyami indlu na?” Wathi: “Ngiyakukuphani na?” Wathi uJakobe: “Awuyikunginika lutho; uma ungenzela lokhu, ngiyakubuye ngaluse umhlambi wakho, ngiwulinde. Namuhla ngiyakudabula emhlambini wakho wonke, ngikhiphe khona zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, nazo zonke ezimnyama ezimvini, nezimagqabhagqabha nezimanakanaka ezimbuzini, kube ngumvuzo wami. Ukulunga kwami kuyakungifakazela ngesikhathi esizayo, lapho ufika ngomvuzo wami osebusweni bakho, ukuthi zonke ezingemanakanaka nezingemagqabhagqabha ezimbuzini, nezingemnyama ezimvini ezikimi, mazithiwe zebiwe.” Wayesethi uLabani: “Bheka, makube njengezwi lakho.” Ngalowo muhla wakhipha izimpongo ezinemishwe nezimagqabhagqabha, nezimbuzikazi zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, zonke ezinokumhlophe, nezimnyama zonke ezimvini, wazinikela esandleni samadodana akhe. Wamisa ibanga lezinsuku ezintathu phakathi kwakhe noJakobe; uJakobe walusa imihlambi eseleyo kaLabani. UJakobe wathatha izinti ezimanzi zompopula* nezomalimondi* nezompelatani,* wazebula imishwe emhlophe, wambula okumhlophe okusezintini. Wazifaka izinti abezebulile emikhombeni nasemiqengqeni yamanzi phambi kwemihlambi, lapho imihlambi iza khona ukuphuza; yamitha ekufikeni kwayo ukuphuza. Imihlambi yamitha phambi kwezinti, imihlambi yazala ezinemishwe, nezimanakanaka, nezimagqabhagqabha. UJakobe wayesahlukanisa amawundlu, wabhekisa ubuso bemihlambi kwezinemishwe nakwezimnyama emhlambini kaLabani; wabeka amaqembu akhe abe wodwa engawafaki emhlambini kaLabani. Kwathi lapho ibiyakumitha imihlambi eqinileyo, uJakobe wabeka izinti phambi kwamehlo emihlambi emiqengqeni ukuba imithe phakathi kwezinti. Kepha lapho umhlambi wawubuthakathaka, akazifakanga; yathi-ke ebuthakathaka yaba ngekaLabani neqinileyo yaba ngekaJakobe. Yayisikhula kakhulu impela le ndoda, yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.