URebeka wasuka namantombazana akhe; bagibela amakamela, balandela indoda; inceku yamthatha uRebeka, yamuka. Kepha u-Isaka wabuya ngaseBeri Lahayi Royi, ngokuba wayehlala ezweni laseningizimu. U-Isaka waphuma ntambama ukuyozindla endle; waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, kweza amakamela. NoRebeka waphakamisa amehlo akhe; esembonile u-Isaka wehla ekameleni. Wathi encekwini: “Ngubani le ndoda ehamba endle ukuzosihlangabeza na?” Yathi inceku: “Yinkosi yami,” wayesethatha imvakazi yakhe, wagubuzela. Inceku yayisimtshela u-Isaka konke ebikwenzile. U-Isaka wamngenisa etendeni likanina uSara, wamthatha uRebeka, wabangumkakhe; wamthanda; u-Isaka wayeseduduzeka emva kokufa kukanina.
Funda UGenesise 24
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 24:61-67
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo